Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KuFilemoni 1:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngakho uma uthi ngingumhlanganyeli nawe, mamukele ngokungathi yimi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Ngakho-ke uma singababambisene, memukele yena kungathi wemukela mina.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Ngakho-ke uma ungibheka njengomhlanganyeli, mamukele njengami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngakho-ke uma ungibheka njengomhlanganyeli, mamukele njengami.

Gade chapit la Kopi




KuFilemoni 1:17
17 Referans Kwoze  

Uma kubuzwa ngoThithu, yena ungumhlanganyeli nesisebenzi kanye nami kini; noma kubuzwa ngabazalwane bethu, bayizithunywa zamabandla, bayinkazimulo kaKristu.


“Onamukela nina uyangamukela mina; ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo.


engimbuyisele kuwe, yena oyinhliziyo yami,


Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?


Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu,


ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi, nokuthi bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKristu Jesu ngevangeli;


Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe, wasincenga wathi: “Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona;” wasicindezela.


“Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’


Nalowo oyakwamukela umntwana onje abe munye ngegama lami uyangamukela mina.


lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani, ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi. Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe uJesu Kristu.


Ngakho ngiyawancenga amalunga aphakathi kwenu mina engiyilunga kanye nawo, nofakazi wezinhlupheko zikaKristu, nomhlanganyeli wenkazimulo ezakwambulwa, ngithi:


ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.


ngikuncenga ngomntanami engimzeleyo ekuboshweni kwami, u-Onesimu;


Abanabanumzane abakholwayo bangabadeleli, ngokuba bengabazalwane, kodwa kube yikhona bebakhonza kakhulu, ngokuba bengabakholwayo nabathandekayo labo abasizakala ngomsebenzi wabo. Wofundisa lezo zinto, uyale ngazo.


njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke, njengokuba nginithwele enhliziyweni yami, lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni.


Kodwa uma ekonile ngento, noma enecala kuwe, lokho kubalele kimi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite