Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KuFilemoni 1:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane kuFilemoni, isithandwa sethu nesisebenzi kanye nathi,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 UPawula, isiboshwa sikaKhristu uJesu noThimothewu umzalwane, kuFilemoni isithandwa nesisebenzi kanye nathi,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane, kuFilemoni othandekayo nesisebenzi kanye nathi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane, kuFilemoni othandekayo nesisebenzi kanye nathi,

Gade chapit la Kopi




KuFilemoni 1:1
18 Referans Kwoze  

Ngenxa yalokho mina Pawulu ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu nina bezizwe –


nokho ngenxa yothando okungcono ngiyancenga, njengokuba nginje mina Pawulu osemdala, manje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu,


UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane


Kodwa ngibone ukuthi kudingekile ukuba ngithume kinina u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi nebutho kanye nami, nesithunywa senu, isikhonzi ekusweleni kwami,


Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu, nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.


Ngalokho ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu nangami, isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela ukuhluphekela ivangeli ngamandla kaNkulunkulu


sathuma uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu evangelini likaKristu, ukuba aniqinise, anivuse maqondana nokukholwa kwenu


noJesu othiwa uJustu; yibo bodwa abangabokusoka abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi.


Yebo, ngiyakunxusa nawe mana wami oqotho, yelekelela labo besifazane, lokhu babambisana nami evangelini, kanye noKlemente nezinye izisebenzi zami abamagama abo asencwadini yokuphila.


Ngakho mina siboshwa eNkosini ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,


UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte nakubo abangcwele bonke abakulo lonke lase-Akhaya:


noMarku, no-Aristarku, noDema, noLuka, izisebenzi kanye nami.


OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu, uBaba wethu, naseNkosini uJesu Kristu:


engiyisithunywa ngalo esiboshiwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.


Khona wehlela eDerbe naseListra. Bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, nguThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane wakwaJuda okholiweyo, kepha uyise wayengumGreki,


Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu.


OPawulu noThimothewu, izinceku zikaKristu Jesu, kubo bonke abangcwele kuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni:*


Uyakhonza kuwe u-Ephafra oyisiboshwa kanye nami kuKristu Jesu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite