Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 9:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Baphendula, bathi kuye: “Wena wazalwa ezonweni ngokwempela, wena ufundisa thina na?” Base bemkhiphela phandle.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 Baphendula, bathi kuyo: “Wena wazalelwa esonweni ngokupheleleyo, wena usufundisa thina na?” Base beyikhiphela ngaphandle kwesinagoge.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Baphendula, bathi kuye: Wena wazalelwa ezonweni kanye, wena usifundisa yini? Basebemkhiphela phandle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Baphendula, bathi kuye: Wena wazalelwa ezonweni kanye, wena usifundisa yini? Basebemkhiphela phandle.

Gade chapit la Kopi




Johane 9:34
34 Referans Kwoze  

Abazali bakhe basho lokho, ngokuba besaba abaJuda. Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni.*


Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?”


Yizwani izwi likaJehova nina enithuthumela ngezwi lakhe. “Abafowenu abanizondayo, abanixosha ngenxa yegama lami, bashilo bathi: ‘Makazidumise uJehova ukuba sibone intokozo yenu,’ kepha bona bayakujabha.


Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.”


Bheka, ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esonweni.


Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?


Bathi: “Suka lapha!” Bathi futhi: “Lo muntu oyedwa wafika ukuba agogobale; usefuna ukwahlulela; manje siyakukuhlupha wena kunabo.” Bamcindezela kakhulu lo muntu uLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango.


ukuba angabikho ongathenga nokuba athengise, uma engenalo uphawu, igama lesilo noma isibalo segama laso.


Ngalobela ibandla okuthile, kodwa uDiyotrefe othanda ukuba abe mkhulu phakathi kwabo akasamukeli thina.


Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


esasikade sihamba phakathi kwabo sonke ezinkanukweni zenyama yethu, senza intando yenyama neyengqondo; ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabo abanye.


“Thina singabaJuda ngemvelo, singesizo izoni zabezizwe;


Kepha uNkulunkulu uyakwahlulela abangaphandle. Xoshani omubi phakathi kwenu.


Labo kubaFarisi ababenaye bezwa lokho, bathi kuye: “Pho, nathi siyizimpumputhe na?”


UJesu wezwa ukuthi bamkhiphele phandle; kwathi emfumana, wathi: “Uyakholwa yiNdodana kaNkulunkulu na?”


Nina nenza imisebenzi kayihlo.” Bathi kuye: “Thina asizalwanga ngokuphinga; sinobaba munye, uNkulunkulu.”


Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle.


Ngokuba oziphakamisayo uzakuthotshiswa; nozithobayo uzakuphakanyiswa.”


Wayesephendula omunye wezazimthetho, wathi kuye: “Mfundisi, ngokusho lokho uyasijivaza nathi.”


Nibusisiwe, nxa abantu benizonda nanxa benicwasa, benithuka, belilahla igama lenu ngokungathi libi ngenxa yeNdodana yomuntu.


abathi: ‘Hlehla, ungasondeli kimi, ngokuba ngingcwele kuwe;’ banjengomusi emakhaleni ami, umlilo ovutha usuku lonke.


Umuntu osolwayo, onentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.


Uyabona umuntu ohlakaniphile emehlweni akhe na? Kukhona ithemba ngesiwula kunaye.


Xosha isideleli, besekuphuma ukuxabana, kuphele ukuphikisana nehlazo.


Ngubani ongaveza okuhlambulukileyo kukho okungcolileyo na? Kakho noyedwa.


Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Sikubeke umluleki wenkosi na? Yeka, ubuyakubulawelani na?” Wayeseyeka umprofethi, wathi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumile ukukubhubhisa, ngokuba wenzile lokho, ungalalelanga isiluleko sami.”


Wathi yena: “Ngubani okumise induna nomahluleli phezu kwethu na? Ufuna ukungibulala mina, njengalokho ubulele owaseGibithe, na?” UMose wayesesaba, ethi: “Impela le ndaba iyazeka.”


Ngalokho uma ngiza, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, esihleba ngamazwi amabi; futhi enganelisiwe nayilokho akabamukeli abazalwane yena, nabavumayo uyabanqabela, abakhiphe ebandleni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite