Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 9:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngakho abanye kubaFarisi bathi: “Lona kaveli kuNkulunkulu, lokhu engagcini isabatha.” Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ngakho-ke abanye kubaFarisi bathi: “Lo muntu akaveli kuNkulunkulu, ngokuba akawuhloniphi umthetho wesabatha.” Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwehlukana phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ngakho abanye kubaFarisi bathi: Lo kaveli kuNkulunkulu, ngoba kagcini isabatha. Abanye bathi: Umuntu oyisoni angenza njani izibonakaliso ezinje? Kwaba khona ukuhlukana phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngakho abanye kubaFarisi bathi: Lo kaveli kuNkulunkulu, ngoba kagcini isabatha. Abanye bathi: Umuntu oyisoni angenza njani izibonakaliso ezinje? Kwaba khona ukuhlukana phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi




Johane 9:16
18 Referans Kwoze  

Kwaba khona futhi ukwahlukana phakathi kwabaJuda ngalawo mazwi.


Ngakho kwaba khona ukwahlukana ngaye esixukwini.


Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye phakathi kwezixuku. Abanye bathi: “Muhle;” abanye bathi: “Qha, ngokuba udukisa abantu.”


Lowo-ke weza kuye ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovele kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”


Kepha abaFarisi bebona lokho bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukuba kwenziwe ngesabatha.”


Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga ngomunye, ngabe abanasono, kepha kalokhu babonile, bangizonda nami noBaba.


Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani ngenxa yale misebenzi.


Bambiza-ke ngokwesibili lowo muntu owabeyimpumputhe, bathi kuye: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowo muntu uyisoni.”


Base bephikisana bodwa abaJuda, bethi: “Lo angasinika kanjani inyama yakhe, siyidle, na?”


“Kepha nginabo ubufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.


Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye baba ngakubaJuda nabanye ngakubaphostoli.


Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na?” – ukuze bammangalele.


Umphathi wesinagoge,* ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.”


Lokho ukuqala kwezibonakaliso wakwenza uJesu eKhana laseGalile ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa nguye.


Khona base bethi abaJuda kophilisiweyo: “Yisabatha, akuvunyiwe uthwale uhlaka.”


Uma umuntu amukela ukusoka ngesabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho, ningithukuthelela ngokuba ngaphulukisa umuntu ngokuphelele ngesabatha na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite