Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 8:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandeka kuye.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

29 Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngingedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandekayo kuye.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 Ongithumileyo unami; uBaba akangishiyanga ngedwa; ngoba mina ngenza njalo okumthokozisayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Ongithumileyo unami; uBaba akangishiyanga ngedwa; ngoba mina ngenza njalo okumthokozisayo.

Gade chapit la Kopi




Johane 8:29
25 Referans Kwoze  

Ngokuba ngehle ezulwini kungengukuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo.


Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngingedwa; nokho angingedwa, lokhu uBaba unami.


UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.


Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.


Mina ngingenze lutho ngokwami; ngahlulela njengalokho engikuzwayo; ukwahlulela kwami kulungile, ngokuba ngingafuni eyami intando kepha intando yongithumileyo.


“Bheka inceku yami engiyisekelayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; nginikele umoya wami phezu kwakhe, uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.


Nakuba ngahlulela, ukwahlulela kwami kungokuqinisileyo, ngokuba ngingengedwa, kodwa yimina nongithumileyo.


Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo;


kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama.


kodwa kungukuba izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba nokuthi ngenza njengokuba uBaba engiyalile. “Sukumani simuke lapha.


Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngifeze umsebenzi ongiphe wona ukuba ngiwenze.


Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”


Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”


“Mina Jehova ngikubizile ngokulunga, ngiyakubamba isandla sakho, ngikugcine, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu nokukhanya kwabezizwe,


Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.


Kwaba kuhle kuJehova ngenxa yokulunga kwakhe ukuba akhulise umthetho, awudumise.


Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele thina, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, owenziwa aphakame phezu kwamazulu,


INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Khona wayesemvumela.


nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite