Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 8:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?” UJesu waphendula ngokuthi: “Anazi nami naBaba; uma beningazi mina, nga nimazi noBaba.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?” UJesu waphendula, wathi: “Aningazi Mina kanjalo noBaba; ukuba beningazi Mina, beniyakumazi noBaba.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Base bethi kuye: “Uphi uYihlo na? UJesu waphendula wathi: “Anazi mina noBaba; uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Base bethi kuye: “Uphi uYihlo na? UJesu waphendula wathi: “Anazi mina noBaba; uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba.

Gade chapit la Kopi




Johane 8:19
24 Referans Kwoze  

Lokhu-ke bayakukwenza ngokuba bengamazanga uBaba nami;


Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe namahloni.


Ngakho uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi; mina-ke angizizelanga, kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina.


Wayekhona ezweni, izwe lavela ngaye; kepha izwe alimazanga.


Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane;


Lowo oweqisayo engemi ekufundiseni kukaKristu akanaye uNkulunkulu; ohlezi ekufundiseni lowo unaye uYise neNdodana.


Ngiyakubanika inhliziyo yokungazi ukuthi nginguJehova; bayakuba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo, ngokuba bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.


Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.


kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.


nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,


Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.


Wahlulela abaswelayo nabampofu, kwaba kuhle; angithi lokhu kungukungazi mina na?” usho uJehova.


Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,


yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke,


ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena;


Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.


Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise; ovuma iNdodana unaye noYise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite