Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 7:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Izwe ngeke linizonde nina, kodwa Mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Izwe lingenizonde; kodwa mina liyangizonda, ngoba ngifakaza ngalo, ukuthi imisebenzi yalo mibi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Izwe lingenizonde; kodwa mina liyangizonda, ngoba ngifakaza ngalo, ukuthi imisebenzi yalo mibi.

Gade chapit la Kopi




Johane 7:7
27 Referans Kwoze  

Ukwahlulela kuyilokhu ukuba ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo ibimibi.


Konje sengaba yisitha kini ngokunishumayeza iqiniso na?


Bona bangabezwe; ngalokho bakhuluma okwezwe, nezwe liyabezwa.


Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.


Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.


Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu; ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, yebo, futhi kungekwenze;


Wayesethi u-Ahabi ku-Eliya: “Usungitholile wena sitha sami na?” Wathi: “Ngikutholile, ngokuba uzithengisile ukwenza okubi emehlweni kaJehova.


Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa, lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwa ihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.


Ongangifumani uyona umphefumulo wakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”


Maye kinina, nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani, ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi bamanga!


“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.


Ngabanquma abelusi bobathathu ngenyanga inye, ngokuba umphefumulo wami wadinwa yibo, nganengwa ngumphefumulo wabo.


Usho kanje uJehova, uMhlengi ka-Israyeli noNgcwele wakhe, kodelelwa nokudelelwa noyisinengiso esizweni, koyinceku yababusi, uthi: “Amakhosi ayakubona, asukume, izikhulu zibone, zikhothame ngenxa kaJehova othembekile, oNgcwele ka-Israyeli okukhethileyo.”


ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje, bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni, bachezukisa olungileyo ngento engelutho.


Isideleli asithandi ukusolwa; asiyi kwabahlakaniphileyo.


Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Kusekhona umuntu munye, uMikhaya, indodana kaJimila, esingabuza ngaye kuJehova, kodwa ngiyamzonda, ngokuba akaprofethi okuhle ngami kepha okubi.” Wathi uJehoshafati: “Inkosi mayingasho njalo.”


Bangibuyisele okubi ngokuhle, nenzondo ngothando lwami.


umpristi abheke; bheka, uma kukhona idunguza elimhlophe esikhumbeni, liphendulile uboya baba mhlophe, nanxa kukhona inyama ebomvu edunguzeni,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite