Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 7:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Emva kwalokho uJesu wahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, lokhu abaJuda bebefuna ukumbulala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Emva kwalokho uJesu wahlala eGalile, ngokuba wayengathandi ukuya eJudiya, lokhu abaJuda babefuna ukumbulala.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Emva kwalokho uJesu wahambahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, ngokuba abaJuda babefuna ukumbulala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Emva kwalokho uJesu wahambahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, ngokuba abaJuda babefuna ukumbulala.

Gade chapit la Kopi




Johane 7:1
19 Referans Kwoze  

yamuka eJudiya, yaphindela eGalile.


“Kepha kwathi abalimi bebona indodana, bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo.’


UMose kaninikanga yini umthetho na? Nokho akakho kini ogcina umthetho. Nifunelani ukungibulala na?”


Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.


lokuthi: UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza umusa, ephulukisa bonke ababesemandleni kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


Leso siyisibonakaliso sesibili uJesu asenza efikile eGalile evela eJudiya.


Lokhu kungubufakazi bukaJohane mhla abaJuda bethuma abapristi namaLevi bephuma eJerusalema ukuba bambuze ukuthi: “Wena ungubani na?”


Kodwa kalokhu nifuna ukungibulala mina muntu onitshele iqiniso, engilizwe kuNkulunkulu; u-Abrahama kakwenzanga lokho.


Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama; kepha nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami lingenandawo kini.


Base bethi abanye kwabaseJerusalema: “Lo akusiye yini abafuna ukumbulala na?


Abapristi abakhulu nababhali bekuzwa lokho bazindla ngokuthi bangambhubhisa kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe.


Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya.


Khona abaJuda bamfuna emkhosini, bathi: “Uphi yena na?”


Nokho kwakungekho muntu owakhuluma obala ngaye ngokwesaba abaJuda.


Ngakho abaJuda bakhuluma bodwa, bathi: “Uzakuya ngaphi lo lapho singayikumthola na? Uyakuya kwabahlakazekileyo kumaGreki, afundise amaGreki, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite