Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 6:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kepha ningifuna ngokuba nadla izinkwa, nasutha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 UJesu wabaphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa, nasutha.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa nasutha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa nasutha.

Gade chapit la Kopi




Johane 6:26
20 Referans Kwoze  

abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba.


ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu.


Bafika kuwe njengokufika kwabantu, bahlala phambi kwakho njengabantu bami, bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa, ngokuba ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kepha inhliziyo yabo ilandela inzuzo yabo.


nokuxabana kwabantu abangqondo yabo yonakele, abamukwe iqiniso, bethi ukumesaba uNkulunkulu kuyindlela yenzuzo.


ngokuba abanjalo abayikhonzi iNkosi yethu uKristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenacala.


Samlandela isixuku esikhulu, ngokuba babebona izibonakaliso azenzayo kwabagulayo.


ngokuba inhliziyo yabo yayingabambeleli kuye, bengathembekile esivumelwaneni sakhe.


isixuku sathi ukubona ukuthi uJesu akakho lapho nabafundi bakhe, sangena emikhunjaneni, naso saya eKapernawume sifuna uJesu.


Waphendula uJesu, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.”


Kepha bakhona abanye phakathi kwenu abangakholwa. Ngokuba uJesu wazi kwasekuqaleni ukuba ngobani abangakholwa nokuba ngubani ozakumkhaphela.”


Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila phakathi kwenu.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwayo unokuphila okuphakade.


Ngakho bathi kuye: “Pho, wenza sibonakaliso sini ukuba sibone, sikholwe nguwe, na? Usebenzani na?


Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, bambeke inkosi, wamonyukela futhi entabeni yena yedwa.


Kwathi-ke abantu bebona isibonakaliso uJesu asenzayo, bathi: “Impela lo ungumProfethi ozayo ezweni.”


Kepha ngithe kini: Ningibonile, nokho anikholwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite