Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 5:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Khona uJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza, ngokuba lokho akwenzayo yena, neNdodana iyakwenza kanjalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Ngakho-ke uJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: iNdodana ingenze lutho ngokwayo, ngaphandle kwalokho ekubona kwenziwa nguYise, ngokuba lokho akwenzayo Yena, neNdodana iyakwenza kanjalo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza;

Gade chapit la Kopi




Johane 5:19
43 Referans Kwoze  

Ngokuba mina angikhulumanga ngokwami, kodwa uBaba ongithumileyo nguye onginike umyalo wokuba ngizakuthini, ngikhulumeni.


Wayesethi uJesu: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona-ke nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile.


Awukholwa ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi, na? Amazwi engiwakhulumayo mina kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi yakhe.


Akakho ongangamuka ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami; nginamandla okukudela, nginamandla okubuye ngikuthabathe. Lo myalo ngiwamukele kuBaba.”


Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.


Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo, kusesemini; buyeza ubusuku, lapho kungesebenze muntu.


ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.


Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.


Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi.


“Mina Jehova ngivivinya inhliziyo, ngihlola izinso ukuba nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengezithelo zezenzo zakhe.”


UNkulunkulu wathi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.”


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.”


Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.


Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula; wangiqunga isibindi, wangipha amandla emphefumulweni wami.


Izulu lishumayela ukulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela*


Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.


ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.


Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni,


ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa, nokuba kuyizihlalo zobukhosi, nokuba kuyimibuso, nokuba kuyizikhulu, nokuba kuyiziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona;


Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.


oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.


ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi;


sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu – kungomusa nisindisiwe –


sazi ukuthi yena owavusa iNkosi uJesu uyakusivusa nathi kanye noJesu, asethule kanye nani.


Kepha-ke uma uKristu eshunyayelwa ukuthi uvusiwe kwabafileyo, basho kanjani abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na?


Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.


lowo uNkulunkulu wamvusa ethukulula iminjunju yokufa, lokhu kwakungenakwenzeka ukuba abanjwe yikho.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Bhidlizani leli thempeli, ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu.”


Usho kanje uJehova uMhlengi wakho nowakubumba kwasesiswini, uthi: “NginguJehova owenza konke, oweneka izulu yedwa, nowendlala umhlaba ngokwakhe,


UJehova wayesethi kuye: “Ngubani owenzile umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu, nesithulu, nobonayo, nempumputhe na? Akusimina, uJehova, na?


Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye.


Kuyakuthiwa: ‘KuJehova kuphela nginokulunga namandla.’ ” Bayakufika kuye, bajabhe bonke abamvuthelayo.


niqiniswe nokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube ngukubekezela konke nokubheka kade ngokujabula;


Lindela uJehova, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi; yebo, lindela uJehova.


Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.”


Ngokuba ngehle ezulwini kungengukuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo.


Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade. Ngakho-ke lokho engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokho uBaba angitshela khona.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite