Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 5:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngalokho-ke abaJuda kwayikhona befuna kakhulu ukumbulala, ngokuba wayengaphulile isabatha kuphela, kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana noNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Ngakho-ke ngenxa yalokhu, abaJuda babefuna kakhulu ukumbulala, ngokuba akephulanga nje isabatha, futhi wathi uNkulunkulu unguYise; ngaleyo ndlela ezenza olingana noNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Ngakho-ke amaJuda adinga kakhulu ukumbulala, ngoba wayengaphuli isabatha kuphela, kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana loNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngakho-ke amaJuda adinga kakhulu ukumbulala, ngoba wayengaphuli isabatha kuphela, kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana loNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




Johane 5:18
21 Referans Kwoze  

Bamphendula abaJuda, bathi: “Asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle kepha ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu ozenza uNkulunkulu.”


Mina noBaba simunye.”


Kepha abaJuda bamphendula bathi: “Sinomthetho thina; ngalo mthetho ufanele ukufa, ngokuba ezenzile iNdodana kaNkulunkulu.”


UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Engakabikho u-Abrahama, ngangikhona mina.”


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


ukuba bonke bazise iNdodana, njengokuba bazisa uYise. Ongayazisi iNdodana kamazisi noYise oyithumileyo.


owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu,


Akusayikuba khona nokukodwa ukuqalekisa. Isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo, nezinceku zakhe ziyakumkhonza,


Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu,* uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


UJesu waphendula wathi: “Uma ngizidumisa mina, udumo lwami luyize; nguBaba ongidumisayo, enisho ngaye ukuthi unguNkulunkulu wenu.


UMose kaninikanga yini umthetho na? Nokho akakho kini ogcina umthetho. Nifunelani ukungibulala na?”


Emva kwalokho uJesu wahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, lokhu abaJuda bebefuna ukumbulala.


Ngenxa yalokho abaJuda bamzingela uJesu, ngokuba wakwenza lokho ngesabatha.


“Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami,” usho uJehova Sebawoti. “Shaya umalusi, zize zihlakazeke izimvu, bese ngiphendulela abancane isandla sami.


UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo,’ na?


Futhi anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abapristi bayalona isabatha ethempelini, bangabi nacala, na?


Lokhu kungubufakazi bukaJohane mhla abaJuda bethuma abapristi namaLevi bephuma eJerusalema ukuba bambuze ukuthi: “Wena ungubani na?”


Wamuka lowo muntu, watshela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo.


Kepha wabaphendula wathi: “UBaba usebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite