Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 4:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.

Gade chapit la Kopi




Johane 4:14
32 Referans Kwoze  

UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma.


Abayikulamba, abayikoma, abayikushaywa yisifudumezi nelanga, ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola, abayise emithonjeni yamanzi.


Kabasayikulamba, kabasayikoma kabasoze bahlatshwa yilanga nakushisa kuni,


Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”


Lesi siyisinkwa esehle ezulwini, kungenjengalokho okhokho benu badla imana,* bafa; osidlayo lesi sinkwa uyakuphila phakade.”


Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.


owasibeka nophawu nowasipha isibambiso esinguMoya ezinhliziyweni zethu.


Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.


Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo,


Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.


Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.


ukuze njengalokho isono sabusa ngokufa, nomusa ubuse kanjalo ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.


“Laba bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.”


“We nina nonke enomileyo, wozani emanzini; nani eningenamali wozani nithenge, nidle; wozani nithenge ngaphandle kwemali, yebo, iwayini nobisi, kungabizwa lutho.


UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho; uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo angaphuthi.


“Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili: bangishiyile, umthombo wamanzi aphilileyo, bazigubhele imithombo, imithombo evuzayo, amanzi angenakuhlala kuyo.


Ngokuba nganelisile imiphefumulo eyethileyo, ngigcwalisile yonke imiphefumulo enosizi.”


Kuyakuthi konke okuphilayo okuswebezelayo kuphile ezindaweni zonke lapho ifika khona leyo mifula emibili, kube yizinhlanzi eziningi kakhulu, ngokuba esefike khona lawa manzi, awolwandle ayakuphiliswa, kuphile konke, lapho umfula ufika khona.


Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ nga ucele kuye, yena nga ekunikile amanzi aphilayo.”


Wathi kuye: “Nkosi, awuphethe lutho lokukha amanzi, umthombo ujulile; uwathathaphi, pho, lawo manzi aphilayo na?


Waphendula uJesu, wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome;


Ovunayo wamukeliswa umvuzo, abuthe isithelo kube ngukuphila okuphakade ukuba ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo.


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.”


Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.


ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.”


Kepha umthombo nomgodi lapho amanzi eqoqene khona uyakube uhlambulukile, kodwa okuthinta izidumbu zazo kuyakuba ngokungcolile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite