Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 3:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Waphendula uJesu, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 UJesu waphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, ngeke angene embusweni kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 UJesu waphendula wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Ngaphandle kokuthi umuntu azalwe ngamanzi langoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJesu waphendula wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Ngaphandle kokuthi umuntu azalwe ngamanzi langoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




Johane 3:5
35 Referans Kwoze  

UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.


ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi,


enisindiswa ngawo manje nani ngokomfanekiso, okungukuthi ngombhapathizo, kungesikho ukususa insila yenyama kepha ukucela kuNkulunkulu unembeza omuhle, ngokuvuka kukaJesu Kristu


Babenjalo abanye kini, kepha senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.


“Mina nginibhapathiza ngamanzi, kube ngukuphenduka; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo,


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.”


Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa.


Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa,


abangazalwanga ngagazi, nantando yenyama, nantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu.


Yilowo nalowo okholwa ukuthi uJesu unguKristu uzelwe nguNkulunkulu, nalowo othanda ozeleyo uthanda naye ozelwe nguye.


Uma nazi ukuthi ulungile, yazini ukuthi yilowo nalowo owenza ukulunga uzelwe nguye.


Ngokuba nakusoka nakungasoki akulutho, isidalwa esisha kuphela.


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza kepha ungukulunga, nokuthula, nokuthokoza eMoyeni oNgcwele,


ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele,


wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu.


bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kinina umusa nokuthula.


Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu,


Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.


Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.


Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.


“Phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke.


Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.”


Futhi ngithi kini: Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”


“Yiyiphi kulawa amabili eyenza intando kayise na?” Bathi kuye: “Eyokuqala.” UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.


Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe; kungcono ungene embusweni kaNkulunkulu uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni unamehlo omabili,


Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.


UNikodemu wathi kuye: “Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe, na?”


Kepha ngisho lokhu, bazalwane, ukuthi inyama negazi akunakulidla ifa elingumbuso kaNkulunkulu; nokubola akulidli ifa elingukungaboli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite