Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 3:36 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

36 Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade, kodwa ongakholwa yiyo, akayukukubona ukuphila, kepha intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

36 Okholwa eNdodaneni unokuphila okuphakade; ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila; kodwa ulaka lukaNkulunkulu luhlezi phezu kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Okholwa eNdodaneni unokuphila okuphakade; ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila; kodwa ulaka lukaNkulunkulu luhlezi phezu kwakhe.

Gade chapit la Kopi




Johane 3:36
38 Referans Kwoze  

“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.


Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe,


ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Kristu


Masingakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.


Ngakho kakhulu sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akubona ukufa naphakade.”


ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.”


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osihlangulisa olakeni oluzayo.


‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibithe, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, akayikubona noyedwa izwe engalifungela u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngokuba abangilandelanga ngokuphelelyo,


Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangemi njalo kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho ukuba bakwenze.”


Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu.


inyama yonke izakubona insindiso kaNkulunkulu.’ ”


nokho uyakuya esizukulwaneni sawoyise; abayikukubona ukukhanya naphakade.


Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.


pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? – okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo,


“Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile, awuqotho phakathi kwakhe, kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.


Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni, ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane. Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


uhlengile umphefumulo wami ukuba ungadluleli egodini; ngiyakubona ukukhanya ngiphila.’


ngokuba umthetho ubanga intukuthelo, kepha lapho kungekho khona umthetho, akukho nakweqa.


ngokuba amehlo ami abonile insindiso yakho


“Laba bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.”


Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa.


Ovunayo wamukeliswa umvuzo, abuthe isithelo kube ngukuphila okuphakade ukuba ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo.


Lesi siyisinkwa esehle ezulwini, kungenjengalokho okhokho benu badla imana,* bafa; osidlayo lesi sinkwa uyakuphila phakade.”


Kepha abaJuda abangakholwanga bavusa abezizwe, babenza nhliziyombi ngakubazalwane.


Yibaphi afunga kubo ngokuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, uma kungesibo abangalalelanga na?


Siyabona-ke ukuthi babengenakungena ngenxa yokungakholwa kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite