Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 3:35 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 UYise uyayithanda iNdodana, wanikela konke esandleni sayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

35 UYise uyayithanda iNdodana, ngakho-ke unikele konke ezandleni zayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

35 UYise uyayithanda iNdodana, njalo unikele zonke izinto esandleni sayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

35 UYise uyayithanda iNdodana, njalo unikele zonke izinto esandleni sayo.

Gade chapit la Kopi




Johane 3:35
25 Referans Kwoze  

UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni;


Ngokuba noYise kahluleli muntu; ukunike iNdodana konke ukwahlulela


Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo yena; woyikhombisa imisebenzi emikhulu kunalena ukuba nimangale.


Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.”


njengalokho uyiphile amandla phezu kwenyama yonke ukuba bonke oyiphe bona ibaphe ukuphila okuphakade.


“Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uYise; akakho futhi owazi uYise, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.


wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla,


uJesu ekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu,


okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini, sekubekwe phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.


Ngokuba izinto zonke uzithobisele phansi kwezinyawo zakhe. Kepha nxa ethi: “Izinto zonke zithotshisiwe,” kusobala ukuthi ungaphandle kwazo yena ozithobisele phansi kwakhe.


Cela kimi, ngikunike abezizwe babe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe yimfuyo yakho.


ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe.


Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.”


mina kubona, nawe kimina, ukuba bapheleliswe ebunyeni, ukuze izwe lazi ukuba wena ungithumile, wabathanda, njengalokho ungithandile.


“Njengalokho uBaba engithandile, nami nginithandile; hlalani othandweni lwami.


Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”


Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”


“Bheka inceku yami engiyisekelayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; nginikele umoya wami phezu kwakhe, uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.


khona nganginaye ngiyingcweti yomsebenzi, ngiyintokozo yakhe imihla ngemihla, ngijabula phambi kwakhe isikhathi sonke,


Kwathi selilambile izwe lonke laseGibithe, abantu bakhala kuFaro ngokudla; uFaro wathi kubo bonke abaseGibithe: “Yanini kuJosefa; lokho anitshela khona, nikwenze.”


UFaro wathi kuJosefa: “NginguFaro; ngaphandle kwakho akuyikuphakamisa muntu isandla sakhe nonyawo lwakhe ezweni lonke laseGibithe.”


Yanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwayo kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wayo yiwo ongayikuchithwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite