Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 3:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Owamukele ubufakazi bakhe ulubekile uphawu lokuthi uNkulunkulu uqinisile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

33 Lowo owamukela ubufakazi bakhe, uyaqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uqinisile.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

33 Owamukele ubufakazi bakhe ubeke uphawu lokuthi uNkulunkulu uqinisile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Owamukele ubufakazi bakhe ubeke uphawu lokuthi uNkulunkulu uqinisile.

Gade chapit la Kopi




Johane 3:33
17 Referans Kwoze  

Kulokhu-ke uNkulunkulu, ethanda kakhulu impela ukubonisa izindlalifa zesithembiso ukungaguquleki kwecebo lakhe, walamula ngesifungo,


kuye nani esenizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, enakholwa nguye futhi, nani nabekwa uphawu olunguMoya oNgcwele wesithembiso


owasibeka nophawu nowasipha isibambiso esinguMoya ezinhliziyweni zethu.


Kepha njengokuba uNkulunkulu ethembekile, nezwi lethu kini alisiye uyebo kanye noqhabo.


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.”


Nginezinto eziningi enginokuzikhuluma nokwahlulela ngani, kepha ongithumileyo uqinisile, nami engakuzwa kuye ngikukhuluma ezweni.”


Wasamukela isibonakaliso sokusoka, sibe luphawu lokulunga kokukholwa ayenakho engakasoki, ukuba abe nguyise wabo bonke abakholwayo bengasokile, ukuze ukulunga kubalelwe kubona,


Ngakho nxa sengikufezile lokho, ngabeka leso sithelo esandleni sabo, ngizakuhamba, ngidlule ngakini, ngiye eSpaniya;


Noma ngingesiye umphostoli kwabanye, nokho kinina nginguye, ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina.


Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.”


Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga, nezwi lakhe alikho kithi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite