Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 3:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 UJohane waphendula wathi: “Umuntu angelwamukele utho, uma engaluphiwanga luvela ezulwini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 UJohane waphendula, wathi: “Umuntu angemukele lutho, uma engaluphiwanga luvela ezulwini.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 UJohane waphendula wathi: “Umuntu angemukeli lutho, uma engalunikwanga luvela ezulwini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UJohane waphendula wathi: “Umuntu angemukeli lutho, uma engalunikwanga luvela ezulwini.

Gade chapit la Kopi




Johane 3:27
27 Referans Kwoze  

Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Ngokuba ngubani okhetha wena na? Unantoni ongayamukeliswanga na? Kepha uma uyamukelisiwe, uzibongelani kungathi awuyamukeliswanga na?


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.


Kepha uJehova wangisusa ekulandeleni umhlambi; uJehova wathi kimi: ‘Hamba uprofethe kubantu bami u-Israyeli.’


enye wayinika amatalenta* ayisihlanu, enye aba mabili, enye laba linye, kwaba yileyo naleyo njengamandla ayo; wamuka-ke.


Mina-ke angiyekanga ukwalusa ngokukulandela, futhi angilufisanga usuku olwesabekayo; wena uyazi; okwaphuma emlonyeni wami kwakuphambi kobuso bakho.


“Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.”


Kuyakuthi umuntu engiyakumkhetha, intonga yakhe ihlume, ngenze ukuba kuphele ngakimi ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngani.”


engamiselwa khona mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli – ngikhuluma iqiniso, angiqambi amanga – yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.


Ukubhapathiza kukaJohane kwavelaphi, ezulwini nokuba kubantu, na?” Bakhulumisana bodwa, bathi: “Uma sithi: ‘Ezulwini,’ uzakuthi kuthi: ‘Pho, anikholwanga nguye ngani na?’


Sinezipho zomusa ezahlukileyo ngokomusa esiwuphiweyo; uma singesokuprofetha, asiprofethe ngesilinganiso sokukholwa;


Kunjengomuntu owahambela kwelinye izwe; washiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayala umlindisango ukuba alinde.


UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKristu Jesu:


UPawulu, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Kristu noNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo,


Kepha konke lokho kusetshenzwa nguyena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokwakhe njengokuthanda kwakhe.


Pho, uyini u-Apholo? Uyini uPawulu na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kwaba yilowo nalowo njengokupha kweNkosi.


esamukela ngaye umusa nobuphostoli kube ngukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe,


UPawulu, obizelwe ngentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Kristu, noSostene umzalwane,


Wayesethi: “Kungenxa yalokho ngithe kini: Akakho ongeza kimi uma engakuphiwe nguBaba.”


Nabaningi beza kuye, bathi: “UJohane nempela akenzanga sibonakaliso nasinye, kepha konke uJohane akusho ngalowo muntu kwakuqinisile.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite