Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 3:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Kepha lowo owenza iqiniso, uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Kodwa owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kodwa owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




Johane 3:21
31 Referans Kwoze  

Uma sithi sinenhlanganyelo naye sibe sisahamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso;


Sithandwa, ungalandeli okubi kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu; owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.


ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni,


Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.


ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe.


Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.


Inhliziyo yami mayiphelele ezimisweni zakho, ukuze ngingajabhi.


Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo,


makaniphelelise kukho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


engikusebenzelayo futhi, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.


nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingaye uJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.


Nihlola imibhalo, ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.


UJesu wabona uNathanayeli eza kuye, wathi ngaye: “Bheka, umIsrayeli uqobo okungekho nkohliso kuye.”


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.


Efrayimi, ngisenendabani nezithombe na? Mina ngiyakumphendula, ngimbheke; nginjengomsayipuresi* oluhlaza, kimina izithelo zakho ziyafunyanwa.”


Jehova, uyakusimisela ukuthula; ngokuba nayo yonke imisebenzi yethu senzelwe yona nguwe.


Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuthi kawubandi, kawushisi. Sengathi ngabe uyabanda noma ushise.


Emthethweni-ke nasebufakazini! Impela leli zwi abalikhulumayo alinakho ukusa.


Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya, akezi ekukhanyeni ukuba imisebenzi yakhe ingasolwa.


Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite