Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 3:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ukwahlulela kuyilokhu ukuba ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo ibimibi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Yilesi isehlulelo ukuthi ukukhanya kufikile emhlabeni, kodwa abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngoba imisebenzi yabo imibi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Nakhu ukulahlwa, ukuthi ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo yayimibi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Nakhu ukulahlwa, ukuthi ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo yayimibi.

Gade chapit la Kopi




Johane 3:19
33 Referans Kwoze  

Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”


ukuba bonke abangakholwanga yiqiniso benamela ukungalungi balahlwe.


kepha labo abanombango bengalaleli iqiniso, belalela ukungalungi, bothola ulaka nentukuthelo.


ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.


abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.


Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?


nazi kuqala lokhu ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika abahleki abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo,


Ukuphila kwakukuye, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu;


“Njalo-ke leyo nceku ebiyazi intando yenkosi yayo ingalungiselanga, ingenzanga ngokwentando yayo, iyakushaywa imivimbo eminingi;


netshe lokuqhuzula, nedwala lokukhubekisa; baqhuzuka bengalaleli izwi, okuyikhona bekumiselweyo;


Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.


Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami.


AbaFarisi ababethanda imali bakuzwa konke lokho, bamklolodela.


abashiya imikhondo yobuqotho, ukuze bahambe ngezindlela zobumnyama;


Uhlala phakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayala ukungazi,” usho uJehova.


ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.


Ngisekhona ezweni ngingukukhanya kwezwe.”


Kalokhu kungukwahlulelwa kwaleli zwe; kalokhu umbusi waleli zwe uzakuxoshwa.


Ngize ezweni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.


nentshe, nenkovana, nenkanu, noklebe ngezinhlobo zakhe,


umpristi abheke; bheka, uma kukhona idunguza elimhlophe esikhumbeni, liphendulile uboya baba mhlophe, nanxa kukhona inyama ebomvu edunguzeni,


Lokhu kuyakuba yisijeziso seGibithe nesijeziso sazo zonke izizwe ezingakhuphuki ukugubha umkhosi wamadokodo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite