Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 21:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 UJesu wathi kuye okwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPhethro wadabuka, ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuJesu: “Nkosi, Wena wazi konke, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yondla izimvu zami.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Wathi kuye ngokwesithathu: Simoni kaJona, uyangithanda na? UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: Uyangithanda na? Wathi kuye: “Nkosi, wazi zonke izinto wena; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. UJesu wathi kuye: Dlisa izimvu zami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Wathi kuye ngokwesithathu: Simoni kaJona, uyangithanda na? UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: Uyangithanda na? Wathi kuye: “Nkosi, wazi zonke izinto wena; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. UJesu wathi kuye: Dlisa izimvu zami.

Gade chapit la Kopi




Johane 21:17
40 Referans Kwoze  

UJesu waphendula wathi: “Uzakudela ukuphila kwakho ngenxa yami na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Iqhude alizukukhala, ungakangiphiki kathathu.”


Lase likhala masinyane iqhude ngokwesibili. UPetru wayesekhumbula izwi abelishilo kuye uJesu lokuthi: “Iqhude lingakakhali kabili, uzakungiphika kathathu;” wakhala nokukhala izinyembezi.


Kalokhu siyazi ukuthi wazi konke, awudingi ukuba umuntu akubuze; ngalokho siyakholwa ukuba wavela kuNkulunkulu.”


ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.


Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.


UNkulunkulu owazi inhliziyo wabafakazela, ebapha uMoya oNgcwele njengathi;


Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.


“Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami.


Uyalinga inhliziyo yami; ungihambele ebusuku, uyangihlolisisa, awufumani lutho; ngiyahlosa ukuba umlomo wami ungaphambuki.


Le ncwadi, bathandekayo, isingeyesibili enginilobele yona, engivusa ngazo ingqondo yenu emhlophe ngokunikhumbuza,


enithokoza ngakho, nokuba manje ngesikhashana, uma kudingeka, nidabukiswa ngezilingo eziyizinhlobonhlobo,


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, ake ukhombe omunye kulaba ababili omkhethileyo


Wabuye waphika uPetru; masinyane lakhala iqhude.


Khona uJesu ekwazi konke okuyakumehlela waphuma, wathi kubo: “Nifuna ubani na?”


Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.”


“Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’


Ngokuba akahluphi, angadabukisi abantwana babantu ngenxa yokuba ekuthanda.


“Mina Jehova ngivivinya inhliziyo, ngihlola izinso ukuba nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengezithelo zezenzo zakhe.”


Ngiyazi, Nkulunkulu wami, ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, futhi sengibonile ngokujabula abantu bakho abakhona lapha ukuthi nabo banikele kuwe ngokuthokoza.


Wayesethi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? Uze kimi ukuba kukhumbuleke isono sami nokuba kubulawe indodana yami.”


“UNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, uyakwazi, no-Israyeli futhi uyakukwazi ukuthi uma kwakungokuhlubuka noma kungokuphambuka kuJehova, ungasisindisi namuhla


“Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.


“UDavide angenezela ngokuthini kuwe na? Wena uyayazi inceku yakho, Nkosi Jehova.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Usemusha wawugqoka, uhambe lapho uthanda khona; kepha nxa usumdala, uyakwelula izandla zakho, omunye akugqokise, akuyise lapho ungathandi khona.


“UDavide angenezela ngokuthini kuwe ngodumo inceku yakho elwenzelweyo na? Wena uyayazi inceku yakho.


Wathi kuye: “Hamba ubize indoda yakho, uze lapha.”


Lokho-ke kwenzeka kathathu, konke kwabuye kwenyuselwa ezulwini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite