Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 20:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kwathi ukuba asho njalo, wabaphephetha, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Esekushilo lokho, wabaphephetha, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Esekushilo lokho wabaphefumulela, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Esekushilo lokho wabaphefumulela, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele;

Gade chapit la Kopi




Johane 20:22
17 Referans Kwoze  

Umoya kaNkulunkulu ungenzile, nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.


UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo.


wathi: “Namamukela yini uMoya oNgcwele mhla nikholwayo na?” Bathi kuye: “Qhabo, asizwanga nokuzwa ukuba kukhona uMoya oNgcwele.”


sebehlele khona babakhulekela ukuba bamukele uMoya oNgcwele,


UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.


Wayesethi kimi: “Profetha kuwo umoya, profetha, ndodana yomuntu, uthi kuwo umoya: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Woza, moya, uvele emimoyeni yomine, uphefumulele laba ababuleweyo ukuba baphile.’ ”


Ngezwi likaJehova izulu lenziwa, namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.


Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.


Washo lokho ngoMoya abazakumamukela abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, lokhu uJesu wayengakakhazimuliswa.


Yilokhu kuphela engithanda ukukwazi kinina ukuthi: Namukeliswa uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?


Khona uPetru egcwele uMoya oNgcwele wathi kubo: “Nina babusi bezizwe namalunga,


“Ukhona yini ongala namanzi ukuba bangabhapathizwa laba abamukela uMoya oNgcwele njengathi na?”


“Nxa esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguyena oyakufakaza ngami.


Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade,


Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.


Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.”


Enibathethelela izono zabo bathethelelwe; nenibabamba ngazo babanjiwe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite