Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 2:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Kwathi uJesu eseJerusalema ngoMkhosi wePhasika, abaningi bakholwa egameni lakhe lapho bebona izibonakaliso azenzayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo.

Gade chapit la Kopi




Johane 2:23
18 Referans Kwoze  

Abasedwaleni yilabo abathi sebezwile, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, bakholwa isikhashana nje, kuthi ngesikhathi sokulingwa bahlubuke.


Kwathi-ke abantu bebona isibonakaliso uJesu asenzayo, bathi: “Impela lo ungumProfethi ozayo ezweni.”


Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.


Kepha esixukwini abaningi bakholwa nguye, bathi: “UKristu, nxa esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezo azenzileyo lona na?”


Lowo-ke weza kuye ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovele kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”


Lalisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema.


Lokho ukuqala kwezibonakaliso wakwenza uJesu eKhana laseGalile ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa nguye.


Kuthe-ke ukuba afike eGalile, abaseGalile bamamukela bebone konke akwenzayo eJerusalema emkhosini; ngokuba nabo babezile emkhosini.


“Kepha nginabo ubufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.


Samlandela isixuku esikhulu, ngokuba babebona izibonakaliso azenzayo kwabagulayo.


Khona abaningi kubaJuda ababezile kuMariya bebona abekwenzile, bakholwa nguye.


Yilo umyalo wakhe ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite