Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 2:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Lalisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Lase lisondele iPhasika labaJuda, uJesu wenyukela eJerusalema.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Laselisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Laselisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema.

Gade chapit la Kopi




Johane 2:13
14 Referans Kwoze  

Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka yonke ngomkhosi wePhasika.


Lase liseduze iPhasika labaJuda; abaningi abavela emaphandleni bakhuphukela eJerusalema ngaphambi kwePhasika ukuba bazihlambulule.


Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo;


Laliseduze iPhasika, umkhosi wabaJuda.


Emva kwalokho kwakukhona umkhosi wabaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema.


“Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho;


Kwaba kubi kakhulu kimi; ngalahla phandle zonke izinto zendlu kaThobiya zikhishwe ekamelweni.


UJesu wayesengena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba.


Bafika eJerusalema. Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba;


Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo,


Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite