Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 19:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Kuthe amabutho esembethele uJesu esiphambanweni, athatha izingubo zakhe, azenza izabelo ezine, kwaba yilelo nalelo butho laba nesabelo, neyembe futhi. Kepha iyembe lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Kuthe amabutho esembethele uJesu esiphambanweni, ayesethatha izingubo zakhe, azehlukanisa amaqoqo amane, kwaba yilelo nalelo butho laba nesabelo, neyembe futhi. Kepha iyembe lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Khona amasosha esembethele uJesu esiphambanweni, athatha izingubo zakhe, azenza izabelo ezine, kwaba yilelo butho laba nesabelo; nejazi lakhe; ibhantshi lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Khona amasosha esembethele uJesu esiphambanweni, athatha izingubo zakhe, azenza izabelo ezine, kwaba yilelo butho laba nesabelo; nejazi lakhe; ibhantshi lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu.

Gade chapit la Kopi




Johane 19:23
6 Referans Kwoze  

Kepha uJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe, benzelana inkatho.


Ayesembethela esiphambanweni, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho ngazo ukuthi yilowo nalowo uyakuthathani.


Esembethele esiphambanweni abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho;


Wambamba, wamfaka etilongweni, wamnikela emaviyweni amane, yilelo nalelo linamabutho amane, ukuba amlinde, ehlose ukumkhuphulela ebantwini emva kwePhasika.


kube yimbobo yekhanda ngaphakathi kwalo, imbobo yalo ibe nomphetho oyizungezayo womsebenzi owalukiweyo njengembobo yebhantshi lensimbi ukuba lingadatshulwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite