Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 19:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kuthe uPilatu esezwa lawo mazwi wamkhiphela ngaphandle uJesu; wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ethiwa eGandaywe ngamatshe kodwa ngesiHeberu iGabatha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngakho-ke uPilatu esezwile lawo mazwi, wamkhiphela ngaphandle uJesu. Wahlala esihlalweni sokwehlulela endaweni okuthiwa: “EGandaywe Ngamatshe,” ngesiHebheru okuthiwa iGabhatha.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Kwathi uPilatu ezwa lelo zwi, wamkhiphela ngaphandle uJesu, wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ebizwa ngokuthi, Indawo egandaywe ngamatshe, kodwa ngesiHeberu iGabatha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kwathi uPilatu ezwa lelo zwi, wamkhiphela ngaphandle uJesu, wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ebizwa ngokuthi, Indawo egandaywe ngamatshe, kodwa ngesiHeberu iGabatha.

Gade chapit la Kopi




Johane 19:13
16 Referans Kwoze  

Esahlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba kulowo muntu olungileyo; ngokuba ngihluphekile kakhulu namuhla ngaye ephusheni.”


Kepha oPetru noJohane baphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu,


Kuthe uPilatu ezwa lelo zwi, kwayikhona esaba kakhulu,


Kodwa ngiyakunitshengisa eniyakumesaba: Mesabeni lowo othi esebulele, abe namandla okuphonsa esihogweni. Yebo, ngithi kini: Mesabeni lowo.


“Futhi ngagodla kini imvula, kusasele izinyanga ezintathu ukuba kuvunwe, ngalinisa phezu komunye umuzi, komunye umuzi angilinisanga; esinye isiqephu saniselwa, nesiqephu esinganiselwanga sasha.


“Washaywa luvalo ngobani, wamesaba, waze waqamba amanga, awangikhumbula, futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho, na? Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo, awungesabi, na?


Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo.


Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.


Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu.


Inkosi uSedekiya yathi kuJeremiya: “Ngiyesaba abaJuda abahlubukele kumaKaledi, funa nginikelwe esandleni sabo, bangiklolodele.”


Waphuma ezithwalele isiphambano, waya endaweni ethiwa iNdawo Yekhanda, ethiwa ngesiHeberu iGolgotha.


Khona abaningi babaJuda bafunda leso saziso; ngokuba indawo leyo, lapho uJesu wabethelwa khona esiphambanweni, yayiseduze nomuzi. Kwakulotshiwe ngesiHeberu, nangesiRoma, nangesiGreki.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite