Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 19:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UJesu waphendula wathi: “Ngabe awunamandla neze phezu kwami, ukuba awuwanikwanga ngaphezulu. Ngalokho-ke onginikele kuwe unesono esikhulu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 UJesu waphendula, wathi: “Ngabe awunalo igunya phezu kwami, ukuba awulinikwanga ngaphezulu. Ngakho-ke onginikele kuwe, nguyena onesono esikhulu.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 UJesu waphendula wathi: “Ungeke ube namandla neze phezu kwami, uma ungawanikwanga evela phezulu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UJesu waphendula wathi: “Ungeke ube namandla neze phezu kwami, uma ungawanikwanga evela phezulu;

Gade chapit la Kopi




Johane 19:11
37 Referans Kwoze  

Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso, ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu; lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.


UJohane waphendula wathi: “Umuntu angelwamukele utho, uma engaluphiwanga luvela ezulwini.


yena lo, esenikelwe ngesu elimisiweyo nangokwaziphambili kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala;


“ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, amise phezu kwayo ophansi phakathi kwabantu.’


UNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, uNkulunkulu wawobaba bethu uyidumisile iNceku yakhe uJesu enayikhaphela, nayiphika ebusweni bukaPilatu, yena esenqumile ukuyikhulula;


Ngakho bafuna ukumbamba, kepha akubangakho owambeka isandla, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


sokuthi uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


Ngakho owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye.


Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kuya kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.


ukuzakukwenza lokho okumiswe ngaphambili yisandla necebo lakho ukuba kwenzeke.


bambopha, bamuka naye, bamnikela kuPilatu umbusi.


UNkulunkulu ukhulumile kanye, ngikuzwe kabili ukuthi amandla angakaNkulunkulu.


Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mbambeni, nihambe naye, nimqinise.”


waxoshwa kubantwana babantu; inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, nenhlalo yakhe yayinezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka phezu kwayo amthandayo.


uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”


Khona uJuda, esethole isigaba samabutho nezikhonzi kubapristi abakhulu nabaFarisi, waya lapho, benezihlanti nezibani nezikhali.


Wathi kubo uJesu: “Ukuba beniyizimpumputhe, ngabe aninasono. Kepha manje nithi: ‘Siyabona;’ isono senu sihlezi.


Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama.”


bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize; uyenza njengentando yakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


Kwasho ubani, kwenzakala, iNkosi ingakuyalelanga, na?


Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? Bheka, kalokhu nikuzwile ukuhlambalaza kwakhe.


Ngiyathula, angivuli umlomo wami; ngokuba nguwe okwenzileyo.


Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.


baqala bamyisa ku-Anase, ngokuba engumukhwe kaKayafase obengumpristi omkhulu walowo mnyaka.


Khona wathi uPilatu kuye: “Awukhulumi kimi na? Awazi ukuthi nginamandla okukukhulula, nginamandla futhi okukubethela esiphambanweni na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite