Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 18:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Njalo-ke isigaba nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Isigejane samabutho, induna yenkulungwane, nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Khona iviyo nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Khona iviyo nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha.

Gade chapit la Kopi




Johane 18:12
17 Referans Kwoze  

Khona uJuda, esethole isigaba samabutho nezikhonzi kubapristi abakhulu nabaFarisi, waya lapho, benezihlanti nezibani nezikhali.


Ababembambile uJesu bamusa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga.


Esezakungeniswa ekamu* uPawulu wathi enduneni yenkulungwane: “Ngivunyelwe ukuba ngisho utho na?” Yona yathi: “Uyasazi isiGreki na?


Kuthe sebefuna ukumbulala, kwafika izwi enduneni yenkulungwane lokuthi lonke iJerusalema liyayaluza;


Base bembamba, bamuka naye, bamusa endlini yompristi omkhulu. UPetru walandela ekude.


Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu namalunga nababhali nomphakathi wonke benza icebo, bambopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu.


Base bemusa uJesu kumpristi omkhulu; kwabuthana bonke abapristi abakhulu namalunga nababhali.


bambopha, bamuka naye, bamnikela kuPilatu umbusi.


AmaFilisti ambamba, awakhipha amehlo akhe; amehlisela eGaza, ambopha ngamaketanga; wasila etilongweni.


Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshele yona; u-Abrahama wakha khona i-altare, walungisa izinkuni, wambopha u-Isaka indodana yakhe, wambeka e-altare phezu kwezinkuni.


Kwathi sekuvele isiyaluyalu esikhulu, induna yenkulungwane yesaba ukuba uPawulu angadwengulwa yibo, yayala impi ukuba yehle imhlwithe phakathi kwabo, imyise ekamu.*


UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele; hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.


Wazibeka ukuba zilindwe endlini yenduna yemilindankosi etilongweni, indawo lapho wayeboshwe khona uJosefa.


Khona amabutho ombusi ayesemthatha uJesu, amngenisa enqabeni, aqoqela kuye ibutho lonke.


Kwakukhona eKesariya indoda ethile egama layo linguKorneliyu, eyinduna yekhulu yebutho elithiwa elase-Italiya;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite