Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 17:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngiyabakhulekela bona; angikhulekeli izwe kepha labo ongiphe bona, ngokuba bengabakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ngiyabakhulekela; angikhulekeli umhlaba, kodwa kuphela labo ongiphe bona, ngokuba bangabakho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Ngiyabakhulekela bona; angikhulekeli izwe, kodwa labo onginike bona; ngoba bangabakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngiyabakhulekela bona; angikhulekeli izwe, kodwa labo onginike bona; ngoba bangabakho.

Gade chapit la Kopi




Johane 17:9
17 Referans Kwoze  

Ngokuba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu,


njengalokho uyiphile amandla phezu kwenyama yonke ukuba bonke oyiphe bona ibaphe ukuphila okuphakade.


“Ngibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasezweni; babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.


“Angiceleli laba bodwa kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo


kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”


Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu nokuthi izwe lonke limi ebubini.


Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade,


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


Bayakhuleka kuso bonke abakhileyo emhlabeni, wonke ogama lakhe lingalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.


Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.


Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo, babaleka, bakubika emzini nasemaphandleni.


Kepha uJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe, benzelana inkatho.


Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle.


Lokhu kuyintando yongithumileyo ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngomuhla wokuphela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite