Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 17:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngifeze umsebenzi ongiphe wona ukuba ngiwenze.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngiwufezile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwenze.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngiwuqedile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwenze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngiwuqedile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwenze.

Gade chapit la Kopi




Johane 17:4
13 Referans Kwoze  

UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.


Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa;


Kwathi ukuba uJesu ewamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.


kodwa kungukuba izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba nokuthi ngenza njengokuba uBaba engiyalile. “Sukumani simuke lapha.


Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.


Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.


Baba, khazimulisa igama lakho.” Kwase kufika izwi livela ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, ngobuye ngilikhazimulise.”


UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu.


“Kepha nginabo ubufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.


Ngokuba ngithi kini: Kumelwe ukugcwaliseka kimi lokho okulotshiweyo kokuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba okuqondene nami sekuyaphelela.”


Emva kwalokho uJesu, ekwazi ukuthi konke sekuphelelisiwe ukuba umbhalo ugcwaliseke, wathi: “Ngomile.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite