Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 17:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Nenkazimulo ongiphe yona ngiyiphile bona, ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Inkazimulo ongiphe yona, nabo ngibaphile, ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Nenkazimulo onginike yona ngibanikile bona; ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Nenkazimulo onginike yona ngibanikile bona; ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye;

Gade chapit la Kopi




Johane 17:22
23 Referans Kwoze  

Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.


Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuba ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.


Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.


nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uKristu Jesu uqobo lwakhe eyitshe legumbi,


Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.


Kepha thina esisebenza kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeleli ize umusa kaNkulunkulu –


Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKristu, sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Wayesebabiza abayishumi nambili, waqala ukubathuma ngababili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo.


lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani, ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi. Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe uJesu Kristu.


Khona basuka phambi komphakathi bethokoza, ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelo gama;


“Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bona nabo babe khona nami lapha ngikhona, ukuze babone inkazimulo yami ongiphe yona; ngokuba wangithanda, kungakasekelwa izwe.


ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.


Ugange lomuzi lwalunezisekelo eziyishumi nambili, naphezu kwazo amagama ayishumi nambili abaphostoli abayishumi nambili beWundlu.


Kalokhu ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu ngokugcwalisa okusileleyo osizini lukaKristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla;


Ngokuba ngenxa kaKristu nina nabelwa ngomusa, angisho ukukholwa kuye kuphela kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe,


labo abamisile ngaphambili ubabizile futhi; labo ababizile ubalungisisile futhi; labo abalungisisileyo ubaphile nenkazimulo futhi.


Ngalokho uthando luphelelisiwe kithi, ukuze sibe nesibindi ngosuku lokwahlulelwa, ngokuba njengalokhu enjalo yena, sinjalo nathi kuleli zwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite