Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 17:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Ngibanikile izwi lakho, umhlaba wabazonda, ngokuba bengesibo abawo; nami angisiye owomhlaba.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Mina ngibanikile izwi lakho; nezwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Mina ngibanikile izwi lakho; nezwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe.

Gade chapit la Kopi




Johane 17:14
15 Referans Kwoze  

Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.


Wathi kubo: “Nina ningabaphansi, mina ngingowaphezulu; nina ningabaleli zwe, mina angingowaleli zwe.


Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.


Umuntu owonakeleyo uyisinengiso kwabalungileyo, noqotho endleleni uyisinengiso komubi.


kungabi njengoKayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kepha eyomfowabo yayilungile.


Ngabanquma abelusi bobathathu ngenyanga inye, ngokuba umphefumulo wami wadinwa yibo, nganengwa ngumphefumulo wabo.


Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”


Ngokuba amazwi ongiphe wona ngibaphile wona, bawamukela, bazi isibili ukuthi ngavela kuwe, bakholwa ukuthi wangithuma wena.


Ningamangali, bazalwane, uma izwe linizonda.


Bathi kuye: “Singakwenza.” UJesu wathi kubo: “Isitsha engisiphuzayo mina niyakusiphuza, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite