Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 17:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Lapho ngise nabo ezweni, ngabagcina egameni lakho labo ongiphe bona, ngabalonda; akakho kubo owalahleka, kuphela indodana yokulahlwa, ukuba kugcwaliseke umbhalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngesikhathi ngisenabo emhlabeni, ngibalondile egameni lakho labo onginike bona. Ngibalondile, akwalahleka namunye kubo, kuphela lowo owayemiselwe ukulahlwa, ukuze kugcwaliseke umbhalo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Ngisenabo ezweni ngabagcina egameni lakho labo onginike bona, ngibagcinile; ukuze kugcwaliseke umbhalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngisenabo ezweni ngabagcina egameni lakho labo onginike bona, ngibagcinile; ukuze kugcwaliseke umbhalo.

Gade chapit la Kopi




Johane 17:12
17 Referans Kwoze  

ukuba ligcwaliseke izwi alishiloyo lokuthi: “Kulabo ongiphe bona angilahlekelwanga namunye.”


“Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethileyo; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.’


Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle.


Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi.


ukuba athathe isikhundla sale nkonzo nobuphostoli aphambuka kuso uJuda ukuya endaweni yakhe.”


Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela; ngokuba aluyikufika, kungaveli kuqala ukuhlubuka, kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa,


futhi: “Ngiyakubeka ithemba lami kuye,” futhi: “Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.”


Yebo, nomhlobo wami ebengimethemba, obedla isinkwa sami, ungiphakamisele isithende sakhe.


“Ngibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasezweni; babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.


Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke,


Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite