Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 16:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Manje ngiyamuka, ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuza ukuthi: ‘Uya ngaphi na?’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 “Kepha manje sengiyahamba, ngiya kongithumileyo kodwa akekho phakathi kwenu ongibuzayo athi: ‘Uya kuphi na?’

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Kepha manje ngiyahamba ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuzayo ukuthi: Uya ngaphi na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha manje ngiyahamba ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuzayo ukuthi: Uya ngaphi na?

Gade chapit la Kopi




Johane 16:5
15 Referans Kwoze  

USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, uya ngaphi na?” UJesu waphendula wathi: “Lapho ngiya khona, ungengilandele kalokhu; kepha uyakungilandela kamuva.”


Ngakho-ke uJesu wathi: “Kuseyisikhashana ngikhona kini, besengimuka, ngiye kongithumileyo.


Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.”


Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngifeze umsebenzi ongiphe wona ukuba ngiwenze.


ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona;


sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,


uJesu ekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu,


“Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba.”


“Nizwile ukuthi nganitshela ngathi: Ngiyamuka, kepha ngiyabuyela kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngiya kuBaba, lokhu uBaba mkhulu kunami.


Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyakuthini na?


“Sengiza kuwe kalokhu; ngikhuluma lokhu ezweni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo.


Ngakho abanye kubo abafundi bakhe base bekhuluma bodwa, bethi: “Kuyini lokho akushoyo kithi ukuthi: ‘Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone,’ nokuthi: ‘Ngokuba ngiya kuBaba,’ na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite