Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 16:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Lokhu-ke bayakukwenza ngokuba bengamazanga uBaba nami;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Bayakukwenza lokho ngokuba bengamazanga uBaba nami.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Lalokhu bayakukwenza kini, ngokuba bengamazanga uBaba noma mina.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lalokhu bayakukwenza kini, ngokuba bengamazanga uBaba noma mina.

Gade chapit la Kopi




Johane 16:3
17 Referans Kwoze  

Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.


“Baba olungileyo, izwe kalikwazanga, kepha mina ngikwazile, nalaba bazile ukuthi ungithumile.


elangabini lomlilo, ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu,


Kanti animazanga, kepha mina ngiyamazi. Uma ngithi angimazi, ngingaba ngumqambimanga njengani. Kepha ngiyamazi, ngigcina izwi lakhe.


Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?” UJesu waphendula ngokuthi: “Anazi nami naBaba; uma beningazi mina, nga nimazi noBaba.”


Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.


Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.


Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.


okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo;


Ozonda mina uzonda noBaba.


Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.”


noma kade ngingohlambalazayo, nozingelayo, nohluphayo; kodwa ngahawukelwa ngokuba ngakwenza ngokungazi, ngokungakholwa.


“Kalokhu, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenza lokho ngokungazi njengabo ababusi benu.


Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise; ovuma iNdodana unaye noYise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite