Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 16:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 “Ngikhulume lokho kini ngemifanekiso; isikhathi siyeza, lapho ngingasayikukhuluma ngemifanekiso; kodwa ngiyakunitshela ngoBaba ngokusobala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 “Lokho ngikukhulume kini ngemifanekiso, kodwa siyeza isikhathi lapho ngingasayukukhuluma ngemifanekiso, kodwa ngiyakukhuluma ngoBaba ngokusobala.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 “Lezizinto ngizikhulume kini ngemifanekiso;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 “Lezizinto ngizikhulume kini ngemifanekiso;

Gade chapit la Kopi




Johane 16:25
19 Referans Kwoze  

“Ngise nokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje.


UJesu washo lo mfanekiso kubo; kepha bona abezwisisanga ukuba kuyini lokho akukhuluma kubo.


Wayesethi kubo: “Aniwazi lo mfanekiso; pho, niyakuyazi kanjani yonke imifanekiso na?


Ngizakuvula umlomo wami ngomfanekiso, ngibonakalise izimfihlakalo zasendulo.


Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga, ngiphenye imfumbe yami ngehabhu.*


kodwa sizilahlile izinto ezifihliwe zehlazo, asihambi ngobuqili, asiliphambanisi izwi likaNkulunkulu, kepha ngokuveza obala iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.


Bayakunikhipha emasinagogeni,* yebo, siyeza isikhathi sokuba lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu.


ukuba aqonde izaga nezimfihlakalo, namazwi abahlakaniphileyo nezimfumbe zabo.


Ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bathi ngami: ‘Asithi uyalinganisa ngezaga na?’ ”


kodwa ngaphandle komfanekiso kakhulumanga kubo; kepha sebebodwa wabachasisela abafundi bakhe konke.


Leli zwi walikhuluma ngokusobala. UPetru wamthatha, waqala ukumkhuza.


Base bemhaqa abaJuda bethi kuye: “Koze kube nini ulibazisa izinhliziyo zethu na? Uma wena unguKristu, sitshele ngokuchachileyo.”


Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngingedwa; nokho angingedwa, lokhu uBaba unami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite