Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 16:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Bayakunikhipha emasinagogeni,* yebo, siyeza isikhathi sokuba lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Bayakunikhipha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza lapho bonke abanibulalayo beyakuthi basebenzela uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




Johane 16:2
27 Referans Kwoze  

Abazali bakhe basho lokho, ngokuba besaba abaJuda. Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni.*


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


Nalapho selivula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-altare imiphefumulo yababebulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababe nabo.


Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni;*


Nibusisiwe, nxa abantu benizonda nanxa benicwasa, benithuka, belilahla igama lenu ngokungathi libi ngenxa yeNdodana yomuntu.


Yizwani izwi likaJehova nina enithuthumela ngezwi lakhe. “Abafowenu abanizondayo, abanixosha ngenxa yegama lami, bashilo bathi: ‘Makazidumise uJehova ukuba sibone intokozo yenu,’ kepha bona bayakujabha.


sithi sihletshwa, sibe siphendula kahle; senziwe kungathi siyinsila yezwe, umphucuzo wezinto zonke kuze kube manje.


wathi: “Bheka, ngibona izulu livuliwe, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.”


“Lapho-ke bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.


Baphendula, bathi kuye: “Wena wazalwa ezonweni ngokwempela, wena ufundisa thina na?” Base bemkhiphela phandle.


abathi: ‘Hlehla, ungasondeli kimi, ngokuba ngingcwele kuwe;’ banjengomusi emakhaleni ami, umlilo ovutha usuku lonke.


Bona sebezwile bathukuthela, bafuna ukubabulala.


UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningasayikukhuleka kuBaba nakule ntaba naseJerusalema.


ngokokushisekela ngingowazingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo.


“Abahlakaniphileyo babantu bayakuqondisa abaningi; kepha bayakuwa ngenkemba, nangelangabi, nangokuthunjwa, nangokuphangwa izinsuku eziningi.


Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.


“Ngikhulume lokho kini ngemifanekiso; isikhathi siyeza, lapho ngingasayikukhuluma ngemifanekiso; kodwa ngiyakunitshela ngoBaba ngokusobala.


Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngingedwa; nokho angingedwa, lokhu uBaba unami.


Base bethi abantu bomuzi kuJowashi: “Khipha indodana yakho ukuba ife, ngokuba ilibhidlizile i-altare likaBali nangokuba imgawulile u-Ashera* owayengakulo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite