Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 15:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Aningikhethanga nina, kodwa yiMina enginikhethile, ukuba nihambe, nithele izithelo; nezithelo zenu zihlale, ukuze kuthi noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, aninike yona.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Aningikhethanga mina, kodwa mina nginikhethile, nganimisela ukuba nihambe, nithele isithelo, nesithelo senu sihlale, ukuze noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Aningikhethanga mina, kodwa mina nginikhethile, nganimisela ukuba nihambe, nithele isithelo, nesithelo senu sihlale, ukuze noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.

Gade chapit la Kopi




Johane 15:16
57 Referans Kwoze  

Uma beningabezwe, izwe belizakuthanda okwalo, kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda.


Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.


Kwathi sekusile, wababiza abafundi bakhe, wakhetha kubo abayishumi nambili, wabaqamba ngokuthi abaphostoli:


Kepha-ke mhla kwaba kuhle kuNkulunkulu owangahlukanisela kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe


Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.


“Wayesethi: ‘UNkulunkulu wawobaba wakumisela ngaphambili ukuyazi intando yakhe, nokumbona oLungileyo, nokulizwa izwi eliphuma emlonyeni wakhe,


lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye.


“Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethileyo; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.’


UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na? Kepha omunye kini ungusathane.”


kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini,


Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo.


Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.


Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila, nohlakaniphileyo uyazuza imiphefumulo.


Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, ake ukhombe omunye kulaba ababili omkhethileyo


Ngezinsuku ezizayo uJakobe uyakugxila, u-Israyeli akhahlele, aqhakaze, bagcwalise ubuso bomhlaba ngezithelo.


ebona inkambo yenu emhlophe esekwesabeni.


Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba.


INkosi yayisithi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli,


nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.”


Isizukulwane siyakubabaza kwesinye imisebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla.


engamiselwa lona ukuba ngibe ngummemezeli, nomphostoli, nomfundisi;


Kepha lezo zinto zabehlela bona kube yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.


Nokuba akanamandla yini umbumbi ebumbeni ukwenza ngesigaxa sisinye isitsha esinye esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na?


Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.


Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile.


Ngakushiya eKrethe ngenxa yalokhu ukuba uhlele okusaseleyo, umise amalunga emizini yonke, njengokuba ngakuyala,


elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke lithela izithelo, landa, njengokuba kunjalo naphakathi kwenu, kusukela osukwini enezwa ngalo, nazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso,


esamukela ngaye umusa nobuphostoli kube ngukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe,


kungekubantu bonke kodwa kithina esingofakazi ababekhethwe nguNkulunkulu ngaphambili, esasidla siphuza naye emva kokuvuka kwakhe kwabafileyo.


engamiselwa khona mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli – ngikhuluma iqiniso, angiqambi amanga – yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.


uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe nigxilile, ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Pawulu.


Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwabantu abaningi njengamazolo avela kuJehova, ngengezihlambi otshanini ezingahlaleli muntu, zingahlaleli abantwana babantu.


U-Abrahama uyakuba yisizwe esikhulu, esinamandla; ziyakubusiswa kuyena izizwe zonke zomhlaba.


Angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, kepha ngathiyeka kuze kube manje ukuba nakini ngibe nezithelo njengakwezinye izizwe.


kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”


“Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.


“Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite