Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 15:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Mina ngingumvini owonawona, uBaba ungumlimi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “Mina ngingumvini woqobo, uBaba ungumlimi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Mina ngingumvini weqiniso, noBaba ungumlimi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Mina ngingumvini weqiniso, noBaba ungumlimi.

Gade chapit la Kopi




Johane 15:1
28 Referans Kwoze  

Mina ngakutshala ungumvini omuhle, imbewu elungileyo yodwa; pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe, na?


Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu, nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.


Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke, badle ifa lezwe kuze kube phakade, igatsha lokutshala kwami, umsebenzi wezandla zami, ukuba ngidunyiswe.


Ngalolo suku ihlumela likaJehova liyakuba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyakuba nodumo nobuhle kwabaphunyukileyo bakwa-Israyeli.


Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami lingukuphuza isibili.


Abelusi abaningi basichithile isivini sami, basinyathele phansi isabelo sami, benze ifa lami elinxanelekayo ihlane elichithakeleyo.


Futhi nginilobela umyalo omusha owona uyiqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyadlula nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya.


Wayeseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.


“Yizwani omunye umfanekiso. Kwakukhona umuntu, umninindlu, owatshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba khona isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.


U-Israyeli wayengumvini owenabileyo, ngokobuningi bezithelo zakhe wandisa ama-altare akhe; ngokobuhle bezwe lakhe wenza izinsuku ezinhle.


UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Kwakungesiye uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.


Wayesebalandisa lo mfanekiso wokuthi: “Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza efuna isithelo kuwo, akasifumananga.


“Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu owaphuma ekuseni ukuqasha izisebenzi ziye esivinini sakhe.


Masivuke ekuseni, siye ezivinini, sibone uma umvini uqhakazile, nezimbali zawo uma zivulekile, namapomegranati* uma ekhahlele. Lapho ngiyakukunika uthando lwami.


“ ‘Ake uzwe, Joshuwa, mpristi omkhulu, wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho, ngokuba bangabantu abayisibonakaliso: bhekani, ngiyakuveza inceku yami, uHlumela.


Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.


Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.


ngenze ukuba abalilayo eSiyoni baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha, amafutha enjabulo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo, ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe.


“ ‘Unyoko wayenjengomvini, usahlezi ngokuthula, utshalwe ngasemanzini; wawunezithelo namahlumela ngenxa yamanzi amaningi.


Kepha waphendula wathi: “Yileso naleso sithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini siyakusishulwa.


Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Yilelo nalelo elithela izithelo uyalihlunga ukuba lithele kakhulu.


Kepha uma kwaphulwa amanye amagatsha, wena-ke ongumnqumo wasendle wafakelwa phakathi kwawo, wahlanganyela nawo impande yamafutha yomnqumo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite