Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 14:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo,’ na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka ngihleli nani, namanje awukangazi, Filiphuna? Ongibonile Mina, umbonile uBaba. Pho usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo’ na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu na? ongibonile mina umbonile uBaba; usho kanjani-ke ukuthi: Sibonise uYihlo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu na? ongibonile mina umbonile uBaba; usho kanjani-ke ukuthi: Sibonise uYihlo na?

Gade chapit la Kopi




Johane 14:9
16 Referans Kwoze  

yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke,


Obona mina ubona ongithumileyo.


Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.”


Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,


Mina noBaba simunye.”


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu,


Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuba ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.


Waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”


Bazenzisi, niyakwazi ukuchachisa ukuma komhlaba nokwezulu; kepha yini ukuba ningachachisi lesi sikhathi na?


Kepha-ke uma uKristu eshunyayelwa ukuthi uvusiwe kwabafileyo, basho kanjani abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na?


“Ungasho kanjani ukuthi: ‘Angingcolile, angilandelanga oBali,’ na? Bheka indlela yakho esigodini, wazi ukuthi wenzeni: uyikamela lensikazi elinejubane, elizulazula ezindleleni zalo,


Ngiyaphephela kuJehova; nisho kanjani kuwo umphefumulo wami ukuthi: “Balekela entabeni yenu njengenyoni, na?


U-Abimeleki wambiza u-Isaka, wathi: “Bheka, impela yena ungumkakho; usholoni ukuthi: ‘Ungudadewethu,’ na?” U-Isaka wathi: “Ngokuba ngathi: Funa ngife ngenxa yakhe.”


Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?” UJesu waphendula ngokuthi: “Anazi nami naBaba; uma beningazi mina, nga nimazi noBaba.”


Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite