Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 14:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza; nemikhulu kunale uyakuyenza; ngoba mina ngiya kuBaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza; nemikhulu kunale uyakuyenza; ngoba mina ngiya kuBaba.

Gade chapit la Kopi




Johane 14:12
28 Referans Kwoze  

UJesu wayesephendula, ethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ kuyakwenzeka;


Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo: ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha,


Yakwenza lokho izinsuku eziningi. Kepha uPawulu esecasukile waphenduka, wathi kumoya: “Ngiyakuyala egameni likaJesu Kristu ukuba uphume kuyo.” Wayesephuma ngaso leso sikhathi.


Khona uPetru wathi kuye: “Eneya, uJesu Kristu uyakuphilisa; vuka, wendlule icansi lakho.” Wayesevuka masinyane.


baze bathatha amaduku nezindwangu emzimbeni wakhe, bazibeka phezu kwabagulayo; zase zisuka kubo izifo, nomoya ababi baphuma.


Kepha uPetru wabakhipha bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, waphendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wayesevula amehlo akhe, wabona uPetru, walulama.


Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abakhwelwa yibo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa;


ngangokuba bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo, bababeka emacansini nasezinhlakeni, kuze kuthi lapho eza uPetru, isithunzi nje sakhe sisithibeze abanye kubo.


Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu.


Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda waba kungathi izinkulungwane eziyisihlanu.


Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.


ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.


Washo lokho ngoMoya abazakumamukela abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, lokhu uJesu wayengakakhazimuliswa.


Ngakho-ke uJesu wathi: “Kuseyisikhashana ngikhona kini, besengimuka, ngiye kongithumileyo.


ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya oNgcwele, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza ngaze ngafika e-Iliriku, ngishumayela ivangeli likaKristu ngokupheleleyo.


Izwi likaNkulunkulu landa, umumo wabafundi wakhula eJerusalema, nesixuku esikhulu sabapristi salalela inkolo.


bathi: “Sizakubenzani laba bantu na? Ngokuba kusobala kubo bonke abakhileyo eJerusalema ukuthi isibonakaliso esiqhamileyo senziwe yibo, asinakukuphika.


“Nizwile ukuthi nganitshela ngathi: Ngiyamuka, kepha ngiyabuyela kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngiya kuBaba, lokhu uBaba mkhulu kunami.


Ngokuba babezwa bekhuluma ngezilimi, betusa uNkulunkulu. Khona uPetru waphendula wathi:


Abaphostoli baveza ngamandla amakhulu ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke.


Wabona umkhiwane ukude, unamaqabunga, wasondela ethi mhlawumbe angathola utho kuwo; esefikile kuwo akafumananga lutho, amaqabunga odwa, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane.


Ngokuba kulokhu liqinisile izwi lokuthi: ‘Omunye uyahlwanyela, omunye avune.’


Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo yena; woyikhombisa imisebenzi emikhulu kunalena ukuba nimangale.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite