Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 12:43 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

43 ngokuba babethanda udumo lwabantu, kunodumo lukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

43 Ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

43 Ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




Johane 12:43
20 Referans Kwoze  

Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?


“Mina angamukeli udumo kubantu.


Wayesethi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo emehlweni abantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakemeyo phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.


singafunanga nokutuswa ngabantu, nakinina nakwabanye,


Ngokuba akusiye ozincomayo ovunywa abongwe, kepha yilowo iNkosi emncomayo.


“Ngakho-ke nxa wabela isipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni* nasemigwaqweni ukuba badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu.


Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.


UJesu waphendula wathi: “Uma ngizidumisa mina, udumo lwami luyize; nguBaba ongidumisayo, enisho ngaye ukuthi unguNkulunkulu wenu.


“Wathi kuyo: ‘Kuhle-ke, nceku enhle; lokhu ufunyanwe uthembekile kokuncinyane, uzakubusa phezu kwemizi eyishumi.’


“Ngalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Ngasho nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo yohamba phambi kwami kuze kube phakade.’ Kepha manje uJehova uthi: ‘Makube kude nami, ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa.


kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.


labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade;


Bonke abacebileyo bomhlaba bayakudla, bakhuleke; bonke abehlela othulini bayakukhothama phambi kwakhe, naye ongenakugcina umphefumulo wakhe ekuphileni.


Wayesethi: “Ngonile, kepha ake ungituse manje phambi kwamalunga abantu bami naphambi kuka-Israyeli, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova uNkulunkulu wakho.”


Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.


Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe; kepha ofuna udumo lomthumileyo lowo uqinisile; akukho ukungalungi kuye.


kodwa umJuda yilowo onguye ngaphakathi, nokusoka kungokwenhliziyo, ngomoya kungengegama, okutuswa kwakhe kungaveli kubantu kepha kuNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite