Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 12:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Ngakho isixuku samphendula sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uyakuma phakade; usho kanjani wena ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 Ngakho isixuku samphendula, sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKhristu uyakuphila phakade. Pho usho kanjani ukuthi iNdodana yomuntu ifanelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Isixuku samphendula sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uhlala phakade; usho kanjani ukuthi: INdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? ingubani le Ndodana yomuntu na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Isixuku samphendula sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uhlala phakade; usho kanjani ukuthi: INdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? ingubani le Ndodana yomuntu na?

Gade chapit la Kopi




Johane 12:34
26 Referans Kwoze  

Umbuso uyakuba mkhulu, ukuthula kungabi nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.


Yanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwayo kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wayo yiwo ongayikuchithwa.


UJehova ufungile engayikuguquka, wathi: “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngendlela kaMelkisedeki.”


Umbuso nokubusa nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke; umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.’


“Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Yiyo eyakwakhela igama lami indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wayo kuze kube phakade.


Ngalokho-ke njengokuba ngasiphambeko sinye kwaba khona ukulahlwa kubantu bonke, kanjalo ngasenzo sinye sokulunga kwaba khona ukulungisiswa kukho ukuphila kubantu bonke;


ngenze abaqhugayo babe yinsali, abadediselwe kude babe yisizwe esinamandla; uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyoni kusukela manje kuze kube phakade.


Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga.


Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu,


Kodwa kunjalo ukuba kugcwaliseke izwi elilotshiweyo emthethweni wakubo lokuthi: ‘Bangizonda ngeze.’


Mina, nxa ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.”


UJesu wabaphendula wathi: “Akulotshiwe yini emthethweni wakini ukuthi: ‘Ngithe: Ningonkulunkulu,’ na?


Yasuswa ekucindezelweni nasekwahlulelweni; ngubani esizukulwaneni sayo owacabanga ukuthi yahlwithwa ezweni labaphilayo, ishaywa ngesiphambeko sabantu bami, na?


Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, wathi: “Ngubani lo?”


UJesu esefikile emaphandleni aseKesariya Filipi wababuza abafundi bakhe, wathi: “Abantu basho ukuthi iNdodana yomuntu ingubani na?”


UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”


Wayesethi uJesu: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona-ke nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile.


kepha yena, ngenxa yokuba ehlala phakade, unobupristi obungenakuguquka;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite