Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 12:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Uma umuntu efuna ukungikhonza, makangilandele; lapho ngikhona Mina, siyakuba khona lapho nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Uma umuntu engikhonza, makangilandele; nalapho ngikhona, iyakuba khona nenceku yami; uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumdumisa yena.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Uma umuntu engikhonza, makangilandele; nalapho ngikhona, iyakuba khona nenceku yami; uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumdumisa yena.

Gade chapit la Kopi




Johane 12:26
34 Referans Kwoze  

Ngokuba manje ngizincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Kukho, ngifuna ukuzikholekisa kubantu yini? Uma bengisazikholekisa kubantu, kungaba angisiyo inceku kaKristu.


“Ngalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Ngasho nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo yohamba phambi kwami kuze kube phakade.’ Kepha manje uJehova uthi: ‘Makube kude nami, ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa.


nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.


UPawulu, inceku kaKristu Jesu, umphostoli obiziweyo nowahlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu,


“Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bona nabo babe khona nami lapha ngikhona, ukuze babone inkazimulo yami ongiphe yona; ngokuba wangithanda, kungakasekelwa izwe.


Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela;


simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni, sihlale ekhaya eliseNkosini.


UJuda inceku kaJesu Kristu, umfowabo kaJakobe, kubo ababiziweyo abathandwa kuNkulunkulu uYise nabagcinelwe uJesu Kristu:


Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima,


USimeyoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuzile ukukholwa okuyigugu ngokufana nokwethu ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Kristu:


Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uKristu Jesu eyiNkosi nokuthi siyizikhonzi zenu ngenxa kaJesu.


ngokuba okhonza uKristu kulokhu uthandekile kuNkulunkulu, ukholekile kubantu.


Khumbulani izwi enganitshela lona mina lokuthi: ‘Inceku ayinkulu kunenkosi yayo.’ Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela; uma begcina izwi lami, nelenu bayakuligcina.


“Ningibizelani ngokuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ ningakwenzi engikushoyo, na?


Olonda umkhiwane uyakudla izithelo zawo, nolinda inkosi yakhe uyakudunyiswa.


Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye esosizini, ngimkhulule, ngimdumise.


Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu;


Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo.


Wayesethi kubo bonke: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe imihla ngemihla, angilandele.


“Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’


Kepha mina ngiyakubuka ubuso bakho ekulungeni, ngisuthe ngesimo sakho ekuvukeni kwami.


kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela ngokupheleleyo, yena ngiyakumngenisa ezweni aya kulo; inzalo yakhe iyakulidla.


Labo yibo abangangcoliswanga yisifazane, ngokuba bayizintombi. Labo yibo abalandela iWundlu noma liyaphi. Labo bathengwa ebantwini, babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu Jesu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu.


UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? Wena landela mina.”


“Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami.


Wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.


Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.


‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibithe, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, akayikubona noyedwa izwe engalifungela u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngokuba abangilandelanga ngokuphelelyo,


Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi inkosi, nxa ifika, izifumane zilindile; ngiqinisile ngithi kini: Iyakuzibopha ukhalo, izihlalise ekudleni, ize izikhonze.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite