Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 12:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Lokho abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni; kodwa esekhazimulisiwe uJesu, base bekhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye nokuthi babekwenzile lokho kuye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Abafundi bakhe abakuqondanga lokhu ekuqaleni, kodwa lapho uJesu esekhazimulisiwe, bakhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye, nokuthi lokho babekwenzile kuye.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Lezizinto abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Lezizinto abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni;

Gade chapit la Kopi




Johane 12:16
19 Referans Kwoze  

Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo; bakholwa ngumbhalo nezwi abelishilo uJesu.


Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.


Washo lokho ngoMoya abazakumamukela abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, lokhu uJesu wayengakakhazimuliswa.


“Ngakho indlu yonke yakwa-Israyeli mayazi impela ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu uJesu lo enambethela nina esiphambanweni.”


UJesu waphendula, wathi kubo: “Sesifikile isikhathi sokuba ikhazimuliswe iNdodana yomuntu.


sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu: sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini,


UNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, uNkulunkulu wawobaba bethu uyidumisile iNceku yakhe uJesu enayikhaphela, nayiphika ebusweni bukaPilatu, yena esenqumile ukuyikhulula;


ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.


kepha lokho ngikukhulume kini, ukuze kuthi, nxa kufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.


Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo.


Wayesethi kubo: “O nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi!


Kepha bona kabaqondanga lutho lwalokho; lelo zwi lalifihlakele kubo, abakuqondanga obekushiwo.


Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, kwakusithekile kubo, ukuze bangakuqondi; besaba ukumbuza ngalokho kusho.


Manje-ke ngikhazimulise wena Baba, kuwe uqobo, ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, izwe lingakabikho.


Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, besaba nokumbuza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite