Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 12:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Ungesabi, ndodakazi yaseSiyoni; bheka, iNkosi yakho iza, ikhwele etholeni lembongolo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 “Ungesabi, ndodakazi yaseZiyoni; inkosi yakho iyeza, igibele ithole lembongolo.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Ungesabi, ndodakazi yaseSiyoni; bheka, iNkosi yakho iyeza, ihlezi etholeni lembongolo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ungesabi, ndodakazi yaseSiyoni; bheka, iNkosi yakho iyeza, ihlezi etholeni lembongolo.

Gade chapit la Kopi




Johane 12:15
17 Referans Kwoze  

Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni; jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


Bhekani, uJehova uyezwakala kuze kube sekugcineni komhlaba, ethi: “Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi: ‘Bheka, insindiso yakho iyeza. Bheka, umvuzo wakhe unawo, nenkokhelo yakhe iphambi kobuso bakhe.’ ”


Inkosi yathi kuSiba: “Uthini ngalezi zinto na?” Wathi uSiba: “Izimbongolo zingezokukhwelwa ngabantu bendlu yenkosi, izinkwa nezithelo zingezokudliwa, newayini lingelokuphuzwa ngabayethileyo ehlane.”


Wena mbhoshongo womhlambi, negquma lendodakazi yaseSiyoni kuyakufika kuwe, yebo, ukubusa kokuqala kuyakufika, umbuso wendodakazi yaseJerusalema.”


Ungesabi wena mpethu, Jakobe, nani bantu bakwa-Israyeli; mina ngiyakukusiza,” usho uJehova; uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.


Inkosi yathi kubo: “Thathani izinceku zenkosi yenu, nimkhwelise uSolomoni indodana yami kuwo umnyuzi* wami, nimehlisele eGihoni,


Wayenamadodana angamashumi amane namadodana amadodana akhe angamashumi amathathu agibela amathole ezimbongolo angamashumi ayisikhombisa; wamahlulela u-Israyeli iminyaka eyisishiyagalombili.


“Nina enigibela izimbongolo ezimhlophe, nina enihlezi emacansini, nani enihamba ngendlela, kulandeni.


Kepha akayikuzandisela amahhashi, angabuyiseli abantu eGibithe, ukuze andise amahhashi, ngokuba uJehova ushilo kini, wathi: ‘Anisayikubuyela ngaleyo ndlela.’


Kwathi emva kwalokho u-Abisalomu wazilungiselela inqola, namahhashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukuba bagijime phambi kwakhe.


“Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele embongolweni, yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.”


UJesu esefumene imbongolo entsha wakhwela kuyo njengokulotshiwe ukuthi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite