Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 11:47 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

47 Ngalokho abapristi abakhulu nabaFarisi base bemema umphakathi, bathi: “Siyakwenze njani na? Lo muntu wenza izibonakaliso eziningi;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

47 Ngakho-ke abaphristi abakhulu nabaFarisi babiza umkhandlu, bathi: “Sizokwenzenjani ngokuba lo muntu wenza izibonakaliso eziningi na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

47 Khona abapristi abakhulu nabaFarisi base bebutha umphakathi, bathi: “Senzenjani na? ngoba lomuntu wenza izibonakaliso ezinengi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

47 Khona abapristi abakhulu nabaFarisi base bebutha umphakathi, bathi: “Senzenjani na? ngoba lomuntu wenza izibonakaliso ezinengi.

Gade chapit la Kopi




Johane 11:47
17 Referans Kwoze  

Khona kwabuthana abapristi abakhulu namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase.


Ngakho abaFarisi bakhuluma bodwa, bathi: “Niyabona ukuthi anisizi lutho; bheka, izwe lonke liyamlandela.”


Abapristi abakhulu nabaFarisi babekhiphe umyalo wokuthi uma kukhona owaziyo lapho ekhona, ababikele, ukuze bambambe.


Lokho ukuqala kwezibonakaliso wakwenza uJesu eKhana laseGalile ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa nguye.


Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo othukuthelela umfowabo uyakuba necala lokwahlulelwa; noshoyo kumfowabo ukuthi: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini; noshoyo ukuthi: ‘Siwula,’ uyakuba necala lokulahlwa esihogweni somlilo.


Kwathi ukuba induna yethempeli nabapristi abakhulu bezwe lawo mazwi, basambatheka ngawo ngokuthi kungaba yini lokho na?


Kwathi sebezwile, bangena ethempelini ekuthatheni kokusa, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umphakathi nezigele zonke zabantwana bakwa-Israyeli, bathumela endlini yeziboshwa ukuba balethwe.


Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuba bangambulala kanjani; ngokuba babesaba abantu.


Emva kwezinsuku ezimbili kwaba khona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abapristi abakhulu nababhali bafuna isu lokumbamba ngobuqili, bambulale.


Samlandela isixuku esikhulu, ngokuba babebona izibonakaliso azenzayo kwabagulayo.


AbaFarisi bezwa isixuku sikhonona ngalezo zinto ngaye; abapristi abakhulu nabaFarisi base bethuma izikhonzi ukuba zimbambe.


Zafika-ke izikhonzi kubapristi abakhulu nakubaFarisi. Bathi kuzo: “Animlethanga ngani na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite