Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 11:40 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 UJesu wathi kuye: “Angishongo yini kuwe ukuthi uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu, na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

40 UJesu wathi kuye: “Angikutshelanga yini ukuthi uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

40 UJesu wathi kuye: “Angishongo yini kuwe ukuthi, uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

40 UJesu wathi kuye: “Angishongo yini kuwe ukuthi, uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu na?

Gade chapit la Kopi




Johane 11:40
15 Referans Kwoze  

UJesu esekuzwile lokho wathi: “Lokhu kugula akusikho okokufa, kodwa kungenxa yenkazimulo kaNkulunkulu ukuba iNdodana kaNkulunkulu ikhazimuliswe ngakho.”


Kanjalo ngikubheka endlini engcwele, ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.”


Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.


Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.


Izenzo zakho mazibonakale kuzo izinceku zakho, nenkazimulo yakho kubantwana bazo.


UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu.


U-Isaya wakusho lokho, ngokuba ebona inkazimulo yakhe, ekhuluma ngaye.


Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova, lokhu ezwile izinkonono zenu ngoJehova; thina siyini ukuba nikhonone ngathi na?”


Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula.


UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”


Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite