Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 1:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ngokuba ekugcwaleni kwakhe, sonke samukele umusa phezu komusa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.

Gade chapit la Kopi




Johane 1:16
24 Referans Kwoze  

ngokuba kwaba kuhle kuye ukuba ukugcwala konke kuhlale kuyo


okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, siyazibonga ekwethembeni inkazimulo kaNkulunkulu.


nokulwazi uthando lukaKristu oludlula ukwazi konke, ukuze nigcwaliswe kube ngukugcwala konke kukaNkulunkulu.


elona lingumzimba wakhe, ukugcwala kwakhe ogcwalisa konke kubo bonke.


Ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye ukufa kwabusa ngalowo emunye, ikakhulu abamukela ukuvama komusa nokuvama kwesipho sokulunga bayakubusa ekuphileni ngalowo emunye, uJesu Kristu.


Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu; ngokuba akaniki uMoya ngokulinganisela.


bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kinina umusa nokuthula.


Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kuvame; kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.


okufihlwe kuye amagugu onke okuhlakanipha nowokwazi.


Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuye uMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe.


ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.


Kepha uJohane wamalela wathi: “Yimi engiswela ukubhapathizwa nguwe; wena uza kimi na?”


“Mina nginibhapathiza ngamanzi, kube ngukuphenduka; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo,


“Ungubani wena ntaba enkulu? Phambi kukaZerubabele uyakuba yithafa; uyakukhipha itshe eliyinhloko ngokumemeza ukuthi: ‘Umusa, mawube kulo!’ ”


bephenya ukuthi yisiphi nokuba sinjani isikhathi asikhombayo uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngezinhlupheko eziqondene noKristu nangenkazimulo eyakulandela zona;


Kepha umthetho wangena ukuba isiphambeko sande; kodwa lapho kwavama khona isono, umusa wavama kakhulukazi,


Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite