Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 9:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Kwathi uPetru ehambela izindawo zonke, wehlela nakwabangcwele abakhe eLida.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

32 UPhethro ehambela izindawo zonke, wehlela nakwabangcwele ababakhe eLida.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

32 Kwathi uPetru ebhoda ezindaweni zonke, wehlela nakwabangcwele abakhe eLida.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Kwathi uPetru ebhoda ezindaweni zonke, wehlela nakwabangcwele abakhe eLida.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 9:32
18 Referans Kwoze  

Kepha u-Ananiya waphendula wathi: “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyo ndoda konke okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema;


Kuthe sebefakazile, belikhulumile izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya.


OPawulu noThimothewu, izinceku zikaKristu Jesu, kubo bonke abangcwele kuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni:*


UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKristu Jesu:


kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababiziweyo, abangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.


lokho ngase ngikwenza-ke eJerusalema; mina ngabafaka abaningi kwabangcwele ematilongweni, ngiwatholile amandla kubapristi abakhulu, nalapho bebulawa ngabalahla ngevoti* lami.


Yena wambamba ngesandla, wamsukumisa. Wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephilile.


Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwe ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane;


kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”


amathuna avuleka, imizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka;


egcina izindlela zokulunga, elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.


Abangcwele abasemhlabeni, abayizikhulu, yonke intokozo yami ikubona.


Amadodana ka-Eliphahali: ngo-Ebere, noMishamu, noShemedi, abakha i-Ono neLodi nemizana yawo,


abantwana baseLodi naseHadidi nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanhlanu;


abantwana baseLodi, naseHadidi, nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanye;


naseLodi, nase-Ono, isiGodi Sababazi.


Wafumana khona umuntu othile ogama lakhe lingu-Eneya, owayeselele ecansini iminyaka eyisishiyagalombili efe uhlangothi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite