Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 9:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kodwa uSawulu wakhula kakhulu emandleni, wahlula abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lowo unguKristu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Kepha uSawula wadlondlobala ngamandla; bashaqeka abaJuda ababehlala eDamaseku, eqinisa ukuthi lowo unguKhristu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Kodwa uSawuli waba namandla kakhulu, wasanganisa abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lo unguKristu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kodwa uSawuli waba namandla kakhulu, wasanganisa abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lo unguKristu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 9:22
21 Referans Kwoze  

Kepha sebefikile oSila noThimothewu behla eMakedoniya, uPawulu wakhathalela izwi, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu.


ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.


Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha.


kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla;


Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi, wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.


Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.


ebavulela, ebachasisela ukuthi kwakumelwe ukuba uKristu ahlupheke, avuke kwabafileyo, ethi futhi: “UJesu lo engimshumayela kini unguKristu.”


Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.


Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe; onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.


kepha umnsalo wakhe uhlala uqinile; amandla ezandla zakhe aqiniswa ngezandla zoMninimandla kaJakobe, okuvela kuye uMalusi netshe lika-Israyeli,


Khona ngiyakufundisa abaphambukayo izindlela zakho; nezoni ziyakuphendukela kuwe.


Masinyane washumayela emasinagogeni* ngoJesu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.


Kepha bamangala bonke abezwayo, bathi: “Lo asiye yini owachitha eJerusalema abakhuleka kulelo gama, nalapha uze ngalokhu ukuba abaqhube beboshiwe kubapristi abakhulu na?”


Sekudlule izinsuku eziningi, abaJuda benza icebo lokuba bambulale.


Kodwa uBarnaba wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ngokuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi ikhulumile kuye, nokuthi eDamaseku wayeshumayele ngesibindi ngegama likaJesu.


Kwathi emva kweminyaka emithathu ngenyukela eJerusalema ukubona uKhefase; ngahlala kuye izinsuku eziyishumi nanhlanu.


Ngiyambonga owangenzela amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite